YouVersion Logo
Search Icon

UNehemiya 11

11
Abantu bahlukaniselwa eJerusalema nakwezinye izindawo
1 Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi. 2Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
3Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini,* nabantwana bezinceku zikaSolomoni. 4 EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi, 5noMahaseya kaBaruki, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni. 6Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
7Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya. 8Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili. 9UJoweli, indodana kaZikiri, wayengumbonisi; uJuda, indodana kaHasenuwa, wayengowesibili emzini.
10 Kubapristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribi, noJakini, 11noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu; 12nabafowabo ababewenza umsebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili, no-Adaya kaJerohamu, kaPhelaliya, ka-Amisi, kaZakariya, kaPhashuri, kaMalikhiya; 13nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri; 14nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli, indodana kaHagedolimi.
15 KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni, 16noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu, 17noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni. 18Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane. 19Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
20Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.
21AmaNethini* ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.
22Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu. 23Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
24UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo, 26naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti, 27naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo, 28naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo, 29nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi, 30naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.
31Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aya, naseBethele nasemizaneni yalo, 32nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya, 33naseHasori, naseRama, naseGitayimi, 34naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati, 35 naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.
36KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.

Currently Selected:

UNehemiya 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy