YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 4

4
Ukulingwa kukaJesu
(Mark. 1:12; Luk. 4:1)
1Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. 2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. 3Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”
4 Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
5Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, 6 wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,
zikuthwale ngezandla,
ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
7 UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; 9wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
10 Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
11USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
UJesu uqala ukusebenza eGalile.Ukubizwa kwabafundi
(Mark. 1:14; Luk. 5:1)
12 Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. 13Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali 14ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15 “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali
ngaselwandle ngaphesheya kweJordani,
iGalile labezizwe,
16isizwe esasihlezi ebumnyameni
sibonile ukukhanya okukhulu,
nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa
kuphumele kubo ukukhanya.”
17 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
18 UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. 19Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 20Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
21Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. 22Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
23 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. 24 Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa. 25Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.

Currently Selected:

NgokukaMathewu 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy