4
Ukulingwa kukaJesu
(Mark. 1:12; Luk. 4:1)
1Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. 2#Eks. 34:28; 1 AmaKh. 19:8Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. 3Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”
4 #
Dut. 8:3
Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
5Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, 6#AmaH. 91:11wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,
zikuthwale ngezandla,
ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
7 #
Dut. 6:16
UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; 9wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
10 #
Dut. 6:13; 10:20 Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
11USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
UJesu uqala ukusebenza eGalile.Ukubizwa kwabafundi
(Mark. 1:14; Luk. 5:1)
12 #
Mark. 1:14; Luk. 3:19,20; 4:14 Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. 13Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali 14ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15 #
Isaya 9:1
“Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali
ngaselwandle ngaphesheya kweJordani,
iGalile labezizwe,
16isizwe esasihlezi ebumnyameni
sibonile ukukhanya okukhulu,
nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa
kuphumele kubo ukukhanya.”
17 #
Math. 3:2; 10:7; Mark. 1:15 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
18 #
Mark. 1:16; Luk. 5:1; Joh. 1:42 UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. 19Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 20Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
21Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. 22Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
23 #
Math. 9:35
UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. 24#Mark. 1:28Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa. 25Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.