YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 22

22
Umshado wendodana yenkosi
1UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: 2 “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. 3Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.
4 “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’
5“Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. 6 Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. 7 Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.
8“Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; 9 ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ 10Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.
11 “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; 12yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula.
13 “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’
14“Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”
Intela kaKesari
(Mark. 12:13; Luk. 20:19)
15 Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi. 16Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. 17Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”
18Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na? 19Ngitshengiseni imali yokuthela,” bamtshengisa udenariyu.* 20Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”
21 Bathi: “NgokaKesari.”
Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
22Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.
Ukuvuka kwabafileyo
(Mark. 12:18; Luk. 20:27)
23 Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza 24 bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’ 25Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo. 26Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa. 27Emva kwabo bonke wafa umfazi. 28Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”
29Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu. 30Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 31Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi: 32 ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”
33Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.
Umyalo wokuqala
(Mark. 12:28)
34AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye. 35 Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi: 36“Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?” 37 UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. 39 Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ 40 Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”
UMesiya nemvelo yakhe
(Mark. 12:35; Luk. 20:41)
41 Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza, 42wathi: “Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na?”
Bathi kuye: “EkaDavide.”
43Wathi kubo: “Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:
44 “ ‘INkosi yathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngibeke izitha zakho
phansi kwezinyawo zakho.” ’
45“Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?” 46Kwakungekho obengamphendula ngazwi; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.

Currently Selected:

NgokukaMathewu 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy