YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 14

14
Ukuhlanjululwa kwabanochoko
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Lo uyakuba ngumthetho wonochoko ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe: wolethwa kumpristi, 3umpristi aphume ekamu,* umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko, 4 bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,* 5umpristi ayale ukuba ihlatshwe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo. 6Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,* akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo, 7amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.
8 “Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu,* kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa. 9Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe, yebo, aphucule zonke izinwele zakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.
10“Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi* lamafutha. 11Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana; 12umpristi athabathe enye imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nelogi* lamafutha, akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; 13 uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele. 14Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, 15umpristi athabathe kulo ilogi* lamafutha, awathele entendeni yesakhe isandla sokhohlo; 16umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe. 17Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala. 18Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
19“Umpristi wonikela ngomnikelo wesono, amenzele oyakuhlanjululwa ukubuyisana ngenxa yokungcola kwakhe, andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa, 20umpristi anikele ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu e-altare, umpristi amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
21“Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala, uzuliswe ukumenzela ukubuyisana, nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, nelogi* lamafutha, 22namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
23“Ngosuku lwesishiyagalombili awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova ngenxa yokuhlanjululwa kwakhe. 24Umpristi abesethabatha imvu yomnikelo wecala nelogi* lamafutha, umpristi akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; 25ahlabe imvu yomnikelo wecala, umpristi athabathe kulo igazi lomnikelo wecala, alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene; 26umpristi athele amafutha entendeni yesakhe isandla sokhohlo kasikhombisa; 27umpristi afafaze ngamafutha asesandleni sakhe sokhohlo kasikhombisa phambi kukaJehova ngomunwe wakhe wokunene; 28umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala; 29amafutha aseleyo asesandleni sompristi wowabeka ekhanda loyakuhlanjululwa ukumenzela ukubuyisana phambi kukaJehova. 30Uyakunikela ngelinye lamahobhe noma ngelamaphuphu amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, 31yebo, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa kanye nomnikelo wempuphu, umpristi amenzele ukubuyisana oyakuhlanjululwa phambi kukaJehova.”
32Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye, ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe.
Izindlu ezinochoko
33UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 34“Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo, 35umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’ 36Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini, engakangeni umpristi ukuyobona isifo, ukuze kungangcoli konke okusendlini, andukuba umpristi angene ukubona indlu. 37Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga, 38bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa, 39umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa, abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu, 40bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo, bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi; 41indlu iphalwe phakathi nxazonke, bathele udaka oluphaliweyo endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi. 42Bothabatha amanye amatshe, bawafake endaweni yalawo matshe, bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.
43“Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo, 44umpristi uyakungena abheke; uma isifo sandile endlini, bheka, kuluchoko olubi endlini; ingcolile. 45Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
46“Ongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe. 47Olala endlini makahlanze izingubo zakhe; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.
48“Uma umpristi engena azobheka, isifo singandile endlini emva kokunamekwa kwendlu, bheka, khona umpristi uyakusho athi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo sipholile. 49Wothabatha, ukuba ahlambulukise indlu, izinyoni ezimbili nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,* 50ahlabe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo, 51athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo, akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo, afafaze indlu kasikhombisa, 52ahlambulule indlu ngegazi lenyoni ezwayo nangomsedari nangehisopi nangendwangu ebomvu, 53ayiyeke inyoni ezwayo, iphume emzini iye endle, ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; iyakuhlambuluka.”
54Lowo ungumthetho wesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nowomuna, 55nowochoko lwengubo nolwendlu, 56nowedunguza nowotwayi nowebala elikhanyayo, 57ukufundisa nxa kungcolile nanxa kuhlambulukile; yilowo ongumthetho wochoko.

Currently Selected:

ULevitikusi 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy