YouVersion Logo
Search Icon

IsiLilo 3

3
Ukuhlupheka nosizi
1Ngingumuntu obone ukuhlupheka
ngentonga yentukuthelo yakhe.
2Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni,
kungesikho ekukhanyeni.
3Impela uyangiphendulela isandla sakhe
ephinda njalo zonke izinsuku.
4 Ugugisile inyama yami nesikhumba sami,
waphula amathambo ami.
5Ungakhele, wangihaqa
ngenyongo nangokushikashikeka.
6 Ungihlalisile ebumnyameni
njengabakade bafa.
7Ungibiyele ukuze ngingaphumi,
wenza amaketanga ami ukuba asinde.
8 Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa,
uyavalela umkhuleko wami.
9 Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo,
wagwegwisa imikhondo yami.
10 Ukimi njengebhere* eliqamekelayo
nengonyama ezindaweni ezisithekileyo.
11Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula,
wangenza incithakalo.
12 Wansala umnsalo wakhe,
wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.
13Wahlaba izinso zami
ngemicibisholo yesambo sakhe.
14 Sengingohlekwayo kubantu bonke,
ngihaywa usuku lonke.
15Wangisuthisa ngokubabayo,
wangigcwalisa ngomhlonyane.
16Waphula amazinyo ami ngohlalwane,
wangembesa umlotha.
17Walahla kude nokuthula umphefumulo wami,
ngakhohlwa inhlanhla.
18Ngathi:
“Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”
19Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami,
umhlonyane nenyongo.
20Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula,
uthobile phakathi kwami.
21Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,
ngalokho nginethemba:
22ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,
ngokuba ububele bakhe abupheli.
23Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu.
24 UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye.
25UJehova muhle kwabamethembayo,
kumphefumulo omfunayo.
26Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula
ukusindisa kukaJehova.
27 Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka
ebusheni bakhe.
28Makahlale yedwa, athule,
lapho emthwesa lona.
29Makabeke umlomo wakhe othulini;
mhlawumbe kungaba khona ithemba.
30 Makanike isihlathi sakhe komshayayo,
asuthe ngenhlamba.
31 Ngokuba uJehova akayikulahla
kuze kube phakade.
32Ngokuba noma edabukisile,
uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.
33Ngokuba akahluphi,
angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.
34Ukuphahlaza phansi kwezinyawo
zonke iziboshwa zasemhlabeni,
35nokuchezukisa imfanelo yomuntu
phambi kobuso boPhezukonke,
36nokona umuntu ecaleni lakhe,
iNkosi ayikuboni lokhu na?
37 Kwasho ubani, kwenzakala,
iNkosi ingakuyalelanga, na?
38 Akuphumi okuhle nokubi
emlonyeni woPhezukonke na?
39 Ukhononelani umuntu ophilayo,
umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?
40Masiphenye, sicinge izindlela zethu,
sibuyele kuJehova.
41Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu
kuNkulunkulu ezulwini.
42 Siphambukile, sahlubuka;
wena awukuyekelanga.
43Wazembesa ulaka, wasixosha,
wabulala, ungahawukelanga.
44Wazembesa ifu,
ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.
45Usenze umphucuzo nemfucumfucu
phakathi kwabantu.
46 Zonke izitha zethu
zisikhamisele imilomo yazo.
47 Uvalo nomgodi kusehlele,
ukubhujiswa nokuchithwa.
48 Iso lami liyamululeka imifula yamanzi
ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
49Iso lami liyamululeka, alinqamuki;
akukho ukukhawuka,
50aze abheke uJehova,
abone esezulwini.
51Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu
ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.
52Abayizitha zami ngeze
bangizingele nokungizingela njengenyoni.
53 Banqume ukuphila kwami emgodini,
bangiphonsa ngetshe.
54Amanzi aminzisa ikhanda lami.
Ngathi: “Nginqunyiwe.”
55 Ngalibiza igama lakho, Jehova,
ngisemgodini phansi.
56Wezwa izwi lami;
ungasithezi indlebe yakho
lapho ngikhalela ukusizwa.
57 Wasondela ngosuku
lokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”
58Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami,
uyahlenga ukuphila kwami.
59Jehova, uyabona ukoniwa kwami;
thetha indaba yami.
60Uyabona konke ukuphindisa kwabo
nawo onke amacebo abo ngami.
61Uyezwa inhlamba yabo, Jehova,
nawo onke amacebo abo ngami,
62izindebe zabangivukeleyo
nemicabango yabo ngami izinsuku zonke.
63Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo;
ngihaywa yibo.
64 Uyakubaphindisela, Jehova,
ngokwemisebenzi yezandla zabo.
65 Uyakubanika isimbozo senhliziyo,
isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.
66Uyakubaxosha ngentukuthelo,
ubabhubhise,
bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

Currently Selected:

IsiLilo 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy