YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 40

40
UBehemoti
1UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:
2 “Osolayo uyakuphikisana
noSomandla na?
Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”
3UJobe wamphendula uJehova, wathi:
4“Bheka, angiyinto yalutho;
ngingakuphendula ngokuthini na?
Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.
5Ngikhulumile kanye,
angisayikuphendula,
yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”
6UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7 “Bopha izinkalo zakho njengendoda;
ngizakukubuza, wena ungazise.
8Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,
ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?
9Unengalo njengoNkulunkulu,
ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
10 Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama,
wembathe udumo nenkazimulo.
11Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,
ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.
12Bheka bonke abaziphakamisayo,
ubehlise phansi,
unyathele ababi ezindaweni zabo.
13Bafihle othulini kanyekanye,
ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.
14Khona ngiyakukudumisa nami
ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.
15“Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe;
uyadla utshani njengenkabi.
16Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe,
nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17Uqinisa umsila wakhe njengomsedari;*
imisipha yamathanga akhe yalukene.
18Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi;
izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;
ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
20Izintaba ziyamvezela ukudla,
lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.
21Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi
ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.
22Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo;
iminyezane yasemfuleni iyamphahla.
23Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki;
uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.
24Angabanjwa ebhekile,
liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?

Currently Selected:

UJobe 40: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy