YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 39

39
Umusa kaNkulunkulu ubonakala naphakathi kwezilwane
1 “Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo,
uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?
2Ungazibala izinyanga eziziqedayo,
uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na?
3 Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo,
zikhiphe okwemihlelo yazo.
4Amazinyane azo aqina,
akhulela endle;
ayahamba,
angabe esabuyela kuzo futhi.
5“Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe;
ngubani owathukulula izintambo zayo,
6engenza ihlane libe yindlu yayo,
nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?
7Ihleka umsindo wedolobha,
ingezwa ukumemeza komshayeli.
8 Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo:
ifuna zonke izinto eziluhlaza.
9“Inyathi iyakuthanda ukukhonza,
ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,
ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
11Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,
ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12 Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,
iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13“Amaphiko entshe ayaphaphaza,
kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?
14Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini,
iwafudumeze othulini.
15Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboza
nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
16Iphatha kalukhuni amazinyane ayo,
kungathi awasiwo awayo;
ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.
17Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha,
akayabelanga ukuqonda.
18Lapho indizela phezulu,
ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
19 “Nguwe onika ihhashi amandla alo,
wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
20Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na?
Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
21Liyaphanda ezigodini,
liyesasa ngamandla alo,
liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22Liyahleka ingebhe, alesabi,
alibuyi phambi kwenkemba.
23Isambo siyalikhehlezela
nomkhonto okhazimulayo, nengcula.
24Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi;
alimi ngokukhala kwecilongo.
25Ekuzwakaleni kwecilongo lithi:
‘Nakho-ke;’
lihogela ukulwa kusekude,
nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.
26“Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho,
awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?
27Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho,
lwakhe isidleke salo phezulu, na?
28Luhlala esiweni, lwakha khona,
eweni ledwala eliyinqaba yalo.
29Lulapho luhlola ukudla kwalo;
amehlo alo akubona kusekude.
30 Amazinyane alo amunca igazi;
lapho kukhona abagwaziweyo,
lukhona nalo.”

Currently Selected:

UJobe 39: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy