YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 4

4
Inkulumo yokuqala ka-Elifazi; uNkulunkulu ulungile; akakho olungile phambi kukaNkulunkulu
1Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi:
2“Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe,
uyakukhathazeka na?
Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?
3Bheka, uqondisile abaningi;
uqinisile izandla ezibuthakathaka.
4Amazwi akho amisile okhubekayo;
usimamisile amadolo athuthumelayo.
5“Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka;
kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.
6Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini,
nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
7Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na?
Babhujiswaphi abalungileyo na?
8 Njengokubona kwami abalima okubi
bahlwanyele ukona, bayakuvuna.
9 Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu;
ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
10Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela,
namazinyo amabhongo ayaphuka.
11Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;
amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.
12“Kwanyenyiselwa kimi izwi,
indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.
13Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku,
lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
14ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela
okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.
15Kwadlula umoya ebusweni bami;
uboya bomzimba wami bavuka.
16Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho;
isimo sasiphambi kwamehlo ami;
kwathula;
ngase ngizwa izwi, lathi:
17 ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na?
Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?
18Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi,
nezingelosi zakhe uyazibeka icala;
19 kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka,
abazisekelo zabo zisothulini,
abachotshozwa njengenundu.
20Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa;
babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.
21Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo,
bafe bengazelele, na?’

Currently Selected:

UJobe 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy