YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 28

28
Inkulumo kaJobe isaqhubeka: umthapho wokuhlakanipha
1“Impela ukhona umthapho wesiliva,
nendawo yegolide abalicwengayo.
2Insimbi iyakhishwa emhlabathini;
amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.
3Ubumnyama bubekelwa umkhawulo;
kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke
amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
4Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,
lapho bekhohlakele khona lunyawo;
bayalenga, bajikajika kude nabantu.
5Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,
kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.
6Amatshe awo ayindawo yamasafire;*
inothuli lwegolide.
7Lowo mgudu awaziwa yinqe,
neso loheshe aliwubonanga.
8Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo,
nengonyama ayidlulanga ngawo.
9Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha,
agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.
10Uqhekeza imihohoba emadwaleni;
iso lakhe liyabona konke okuyigugu.
11Uyavimba imifula ukuba ingaconsi;
imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.
12“Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi?
Iphi indawo yokuqonda na?
13Umuntu kalazi inani lakho;
akutholakali ezweni labaphilayo.
14Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’
ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’
15 Akunakuzuzwa ngegolide;
intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.
16Kungelingane negolide lase-Ofiri,
neshohamu* eliyigugu, nesafire.*
17Igolide nengilazi kungelingane nakho;
akunakwenaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.
18Akunakukhulunywa ngekorali* nangekristalu;*
intengo yakho iphezu kwamarubi.*
19Itopazi* laseKushe alinakulinganiswa nakho,
kungelingane negolide elicwengekileyo.
20“Ukuhlakanipha kuvelaphi na?
Indawo yokuqonda iphi na?
21Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo,
kufihliwe ezinyonini zezulu.
22Ukubhujiswa nokufa kuthi:
‘Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’
23 UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho;
yena uyazi indawo yakho.
24Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba,
abone konke okuphansi kwezulu.
25Lapho emisela umoya ukusinda kwawo,
elinganisa amanzi ngezilinganiso,
26 lapho enzela imvula isimiso,
nonyazi lokuduma indlela,
27khona wakubona, walanda ngakho,
wakuhlela, wakuphenya.
28 Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba
iNkosi lokhu kungukuhlakanipha;
ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”

Currently Selected:

UJobe 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy