YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 22

22
Inkulumo yesithathu ka-Elifazi: uJobe wonile: makaphendukele kuNkulunkulu
1Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:
2“Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkulu
ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?
3 Kuyintokozo yini kuSomandla,
uma ulungile,
kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?
4“Kungokumesaba kwakho akusolayo,
angene nawe ekwahlulelweni, na?
5Ububi bakho abubukhulu yini?
Izono zakho azinakuphela.
6Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu,
wahlubula abampofu izingubo zabo.
7Awumphuzisanga owomileyo amanzi,
wamgodlela olambileyo ukudla.
8Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;
onodumo uyahlala kulo.
9Umukisile abafelokazi bengenalutho;
izingalo zezintandane zaphuliwe.
10Ngalokho izingibe ziyakuhaqa;
uvalo oluzumayo luyakwethusa.
11Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama,
ukuze ungaboni,
nesikhukhula samanzi siyakusibekela.
12“UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na?
Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.
13 Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na?
Angahlulela engale kwesigayegaye na?
14Amafu ayamsibekela ukuze angaboni;
uyahamba esiyingelezini sezulu.’
15Uyakugcina indlela yamandulo eyahanjwa yizoni na?
16 Yizo ezahlwitha kungakabi yisikhathi,
ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,
17 nezathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithina,
ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?’
18 Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle.
Amasu ababi akude nami.
19 “Abalungileyo bayakukubona, bathokoze;
abangenasici bayabaklododela ngokuthi:
20‘Impela ababesivukela sebechithiwe,
nabakushiyileyo umlilo ukuqedile.’
21“Mawujwayelane naye, ube nokuthula;
ngalokho okuhle kuyakufika kuwe.
22Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe,
ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.
23 Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa,
uma udedisa okubi kude etendeni lakho,
24ubeke igolide lakho othulini,
nelase-Ofiri phakathi kwamatshe eminonjana.
25USomandla uyakuba yigugu lakho,
nesiliva elikhazimulayo kuwe,
26ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla,
uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho.
27Uyakukhuleka kuye, akuzwe,
wena ugcwalise izithembiso zakho.
28Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa,
ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.
29 Uma zehla, uyakuthi: ‘Phezulu!’
abesephakanyiswa ozithobileyo.
30 Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo,
bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.”

Currently Selected:

UJobe 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy