YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 21

21
UJobe uyaphendula inkulumo yesibili kaSofari: ukuhlupheka akubehleli ababi kuphela
1Wayesephendula uJobe, wathi:
2“Yizwani nokuzwa amazwi ami;
lokhu makube yinduduzo evela kini.
3 Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume;
nalapho sengikhulumile, klolodani.
4“Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na?
Ngingekhathazeke na?
5Ngibukeni, nimangale,
nibeke izandla emilonyeni yenu.
6Lapho ngikhumbula nje,
ngishaywa luvalo;
ukwesaba kubamba inyama yami.
7 Ababi baphilelani,
baze babe badala,
yebo, bakhule emandleni, na?
8Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,
nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
9Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;
uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
10Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;
inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
11 Bakhipha izingane zabo njengomhlambi;
abantwana babo bayagida.
12Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,*
bathokoza ngezwi lomtshingo.
13 Baqeda imihla yabo ngokuhle,
behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14 Nokho bathi kuNkulunkulu:
‘Suka kithi,
asifuni ukwazi izindlela zakho.
15 USomandla uyini ukuba simkhonze na?
Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
16 Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;
icebo lababi malibe kude nami.
17“Kukangaki isibani sababi sicimeka,
nengozi ibehlela,
babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18 Babeyakuba njengezibi phambi komoya,
nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;
yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
20 Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,
bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,
lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22 UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,
yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23“Omunye ufa esemi kahle kukho konke,
ezinzile, enokuthula.
24Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;
umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
25Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,
engazange adle okuhle.
26 Balala phansi othulini kanyekanye;
izimpethu ziyabasibekela.
27Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,
namacebo enu eniyakungona ngawo.
28Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,
liphi itende lokuhlala kwababi, na?’
29Anibuzanga abadlula endleleni,
nibazi ubufakazi babo
30bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa
nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?
31Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe?
Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?
32Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.
33Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye;
bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe,
njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.
34 “Pho, ningiduduzelani ngeze,
lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso nje, na?”

Currently Selected:

UJobe 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy