YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 15

15
Inkulumo yesibili ka-Elifazi: uJobe uyazigabisa; akakho olungileyo; ababi bayakujeziswa
1Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:
2“Ohlakaniphileyo uyakuphendula
ngokwazi okungumoya nje,
agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?
3Aphikisane ngamazwi angasizi
lutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?
4Yebo, uyachitha ukwesaba,
unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.
5Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho;
ukhetha ulimi lwabanobuqili.
6Ngumlomo wakho okulahlayo,
akusimi;
izindebe zakho ziyafakaza ngawe.
7 Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?
Wavela ngaphambi kwezintaba na?
8 Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu,
wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?
9Wazini esingayazi thina na?
Uqonda ntoni engekho kithina na?
10 Kithina kukhona izimpunga namakhehla
amadala kunoyihlo.
11Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu,
nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?
12Umukiselwani yinhliziyo yakho na?
Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,
13uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho,
ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?
14 Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo,
nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?
15 Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi,
nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;
16kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo,
umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?
17“Ngiyakukwazisa, ungilalele;
ngiyakukulandisa engikubonileyo
18lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile,
zikuthathe koyise, zingakufihlanga,
19zona ezaphiwa zodwa izwe,
kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:
20 Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke,
umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.
21 Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe;
lapho ehlezi kahle,
uyakufikelwa ngumphangi.
22Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni;
uyalindelwa yinkemba.
23 Uyazulazulela ukudla: kuphi na?
Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.
24Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa;
kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,
25ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu,
wazigabisa kuSomandla.
26Wamdumela ngentamo elukhuni,
nangamaqhubu adumbileyo amahawu akhe,
27 ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe,
wenza umvingqi okhalweni lwakhe.
28Wahlala emizini ebiyakuchithwa,
nasezindlini ebezingahlalwa,
ezaziyakuba ngamanxiwa nje.
29Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,
nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
30Akayikusuka ebumnyameni;
ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,
amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.
31Makangethembi ezeni, ezikhohlisa,
ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
32 Kuyakufezwa kungakabi yisikhathi,
negatsha lakhe alisayikuba luhlaza.
33Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini,
alahle imbali yakhe njengomnqumo.
34Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba
yinyumba,
umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.
35 Bakhulelwe ingozi, bazala ukona;
isisu sabo silungisela inkohliso.”

Currently Selected:

UJobe 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy