YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 14

14
Inkulumo kaJobe isaqhubeka: ukhala ngokuhlupheka komuntu
1“Umuntu ozelwe ngowesifazane
imihla yakhe mifushane,
igcwele ukuyaluza.
2 Uyavela njengembali, abune;
ubaleka njengethunzi, angemi.
3Konje uvulela onjalo amehlo akho,
ungingenise ekwahluleweni nawe, na?
4 Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho
okungcolileyo na?
Kakho noyedwa.
5Uma imihla yakhe inqunyiwe,
umumo wezinsuku zakhe ukuwe,
ubekile umkhawulo wakhe,
aze angadluli,
6 ungambheki, aphumule,
ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.
7“Ngokuba kukhona ithemba emthini:
uma unqunywa, ungabuye uhlume,
nehlumela lawo aliyikuphela.
8Noma impande yawo iguga emhlabathini,
nesiphunzi sawo sifela othulini,
9ngephunga lamanzi uyakuhluma,
uveze izingatsha njengesithombo.
10Kepha umuntu ofileyo uphelile;
umuntu ogqabukileyo uphi na?
11 Njengamanzi anyamalele elwandle,
nomfula oshileyo ome,
12kanjalo umuntu ulala phansi,
angabe esavuka;
lize lingabikho izulu abayikuvuka,
bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo,
ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho,
unginqumele isikhathi,
ungikhumbule.
14Uma umuntu efa,
uyakubuye aphile na?
Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami,
kuze kufike ukumuka kwami.
15Ubuyakubiza, mina ngiphendule;
ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami,
ungaqapheli isono sami.
17Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni,
besewusibekela ukona kwami.
18“Impela intaba iyawa, idilike;
idwala liyasuswa endaweni yalo;
19amanzi ayagubha amatshe;
ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba;
kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
20Uyamsukela kuze kube phakade,
amuke;
uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.
21 Amadodana akhe ayadunyiswa,
engazi yena;
ayeyiswa, engakuqondi.
22Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela;
umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.”

Currently Selected:

UJobe 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy