YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 5

5
Izono zeJerusalema
1 “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema,
nibone nazi,
nicinge ezigcawini,
uma ningafumana umuntu,
uma kukhona owenza ukwahlulela,
ofuna iqiniso;
bese ngilithethelela.
2Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’
nokho bafunga amanga.”
3 Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na?
Ubashayile, kepha abadabukanga;
ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa;
benza lukhuni ubuso babo kunetshe,
bala ukuphenduka.
4Ngase ngithi mina:
“Laba bayizimpofana nje,
bayiziwula,
ngokuba abayazi indlela kaJehova,
ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.
5 Sengiyakuya kwabakhulu,
ngikhulume nabo,
ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova
nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;”
kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye,
bazigqabulile izibopho.
6 Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya,
babhujiswe yimpisi yasehlane,
ingwe iyiqamekele imizi yabo,
badatshulwe bonke abaphuma kuyo,
ngokuba iziphambeko zabo ziningi,
nokuhlehla kwabo kwandile.
7“Ngingakuthethelela kanjani na?
Abantwana bakho bangishiyile,
bafunga okungesibo onkulunkulu.
Ngabafungisa, kepha baphinga,
babuthana endlini yezifebe.
8 Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo;
yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.
9 Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.
“Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
10 “Khuphukelani ezingangeni zalo,
nilichithe,
ningaliqedi ngokupheleleyo nokho;
susani amagatsha alo,
ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.
11Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda
zingikhohlisile nokungikhohlisa,” usho uJehova.
12 Zimphikile uJehova, zathi:
“Hhayi yena!
Okubi akuyikusehlela,
asiyikubona inkemba nendlala.
13Abaprofethi bayakuba ngumoya,
akakho okhulumayo kubo;
kuyakwenziwa kanjalo kubo.”
14Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi:
“Ngokuba nikhuluma leli zwi,
bhekani, ngiyakwenza amazwi ami
abe ngumlilo emlonyeni wakho,
nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.
15 Bhekani,
ngiyakwehlisela phezu kwenu
isizwe esivela kude
nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova;
“yisizwe esinamandla, yisizwe esidala,
yisizwe ongazi ulimi lwaso,
nongezwa lokhu abakukhulumayo.
16Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo,
bangamaqhawe bonke.
17 Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho,
badle amadodana akho namadodakazi akho,
badle izimvu zakho nezinkomo zakho,
badle imivini yakho nemikhiwane yakho,
bachithe ngenkemba imizi yakho
ebiyelweyo othemba kuyo.
18 “Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo. 19 Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’
20“Memezani lokhu endlini kaJakobe,
nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:
21 Yizwani lokhu nina bantu
eniyiziwula neningenakuqonda,
eninamehlo, ningaboni kodwa,
eninezindlebe, ningezwa kodwa.
22 Aningesabi yini,” usho uJehova,
“anithuthumeli phambi kwami,
mina engibeke isihlabathi
sibe ngumkhawulo wolwandle,
umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na?
Noma lugubha, alunakuwahlula;
noma luduma, alunakudlula kuwo.
23Kepha laba bantu banenhliziyo
eyambukileyo nehlubukileyo;
bambuka, bahamba.
24 Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi:
‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu
onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo,
asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’
25Ububi benu buchezukisile lokhu,
nezono zenu zinenqabele okuhle.
26“Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi,
baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni,
babeke ugibe,
babambe abantu.
27Njengendlwana yezinyoni igcwele zona,
kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso;
ngalokho bakhulile, bacebile.
28 Bakhuluphele, bayacwebezela;
yebo, bayadlula ezintweni zobubi;
abameli ukulunga,
abameli izintandane ukuba zihlahlamele,
nemfanelo yabampofu abayahluleli.
29Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova.
“Umphefumulo wami
awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?
30“Okumangalisayo nokwesabekayo
kuyenziwa ezweni.
31 Abaprofethi baprofetha amanga,
abapristi babusa eceleni kwabo;
abantu bami bayakuthanda kanjalo,
kepha niyakwenze njani ekupheleni na?

Currently Selected:

UJeremiya 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy