YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 35

35
AmaRekabi
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi: 2 “Yiya endlini yamaRekabi, ukhulume kuwo, uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo ayo, uwaphuzise iwayini.”
3Ngase ngithatha uJahazaniya indodana kaJeremiya kaHabasiniya nabafowabo, nawo onke amadodana akhe, nayo yonke indlu yamaRekabi, 4ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango. 5Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: “Phuzani iwayini.”
6 Kepha bathi: “Asiyikuphuza iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekabi ubaba, wasiyala wathi: ‘Aniyikuphuza iwayini, nina namadodana enu, kuze kube nini, 7futhi ningakhi indlu, ningahlwanyeli imbewu, ningatshali isivini, ningabi naso, ngokuba niyakuhlala ematendeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.’ 8Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu, thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, 9singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo; futhi isivini, nensimu, nembewu asinakho. 10Kepha sihlale ematendeni, salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho. 11Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”
12Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi: 13“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na?’ usho uJehova. 14‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga. 15 Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga. 16Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.’
17 “Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”
18UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,’ 19ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘UJonadaba indodana kaRekabi akayikunqunyelwa muntu wokuma phambi kwami kuze kube phakade.’ ”

Currently Selected:

UJeremiya 35: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy