YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 30

30
Ukuphulukiswa kuka-Israyeli noJuda
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: 2“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe. 3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”
4Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda. 5“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
“ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela,
elokwesaba kungengelokuthula.
6 Ake nibuze, nibone, uma owesilisa
wake wabeletha na?
Ngibonelani onke amadoda
enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo,
ubuso bonke buphaphathekile, na?
7 Maye, lukhulu lolo suku,
alukho olunjengalo!
Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe,
kepha uyakusindiswa kukho.
8“ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti,
‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo,
ngigqabule izibopho zabo,
abafokazi bangabe besabakhonzisa,
9 kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo,
noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.
10 “ ‘Ungesabi wena Jakobe,
nceku yami,’ usho uJehova,
‘ungapheli amandla, Israyeli,
ngokuba bheka,
ngiyakukusindisa usekude,
nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;
uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,
angesatshiswa muntu.
11 Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova,
‘ukuba ngikusindise,
ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo
zonke izizwe engikuhlakazele kuzo,
kepha wena angiyikukuqeda,
kodwa ngiyakukulaya
ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’
12 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
“ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa,
nesilonda sakho sinzima.
13 Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe;
umuthi wokuphilisa awunawo.
14Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe,
azisakufuni,
ngokuba ngikushayile ngokushaywa
kwezitha, ngokulaywa kononya,
ngenxa yobuningi bokona kwakho,
nangokuba izono zakho zandile.
15Ukhalelani ngokulimala kwakho
ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na?
Ngenxa yobuningi bokona kwakho
nangokuba izono zakho zandile
ngenze lokho kuwe.
16 “ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa,
nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana,
nabakuphangayo bayakuphangwa,
nabo bonke abakwamukayo
ngiyakubanikela ukuba bamukwe.
17 Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe,
ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova,
‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo
neSiyoni elingafunwa muntu.’
18“Usho kanje uJehova, uthi:
“ ‘Bheka,
ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe,
ngiwahawukele amakhaya akhe;
umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo,
indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.
19 Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo;
ngiyakubenza babe baningi,
bangabi ngabayingcosana,
ngibadumise, bangeyiswa.
20Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala,
ibandla lakhe lime phambi kwami,
ngijezise bonke abamcindezelayo.
21Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye,
nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe;
ngiyakumsondeza, asondele kimi,
ngokuba ngubani oke waba nesibindi
sokusondela kimi na?’ usho uJehova.
22 “ ‘Niyakuba ngabantu bami,
mina ngibe nguNkulunkulu wenu.’ ”
23 Bheka, isivunguvungu sikaJehova!
Ukufutheka kwakhe kuphumile,
isivunguvungu esichithayo;
siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.
24Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya,
aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;
ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.

Currently Selected:

UJeremiya 30: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy