YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 24

24
Amaqoma amabili amakhiwane
1 UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele. 2Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.
3Wayesethi uJehova kimi: “Ubonani, Jeremiya, na?”
Ngathi: “Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu, namabi ngamabi kakhulu, enganakudliwa ngobubi bawo.”
4Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 5“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle. 6 Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli. 7 Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
8 “ ‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe. 9 Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo. 10 Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”

Currently Selected:

UJeremiya 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy