YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 20

20
1 UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto. 2 UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova. 3Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi uPhashuri kepha uMagori Misabibi.* 4Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba. 5 Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele. 6Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”
Ukukhala kukaJeremiya
7 Wangiyenga, Jehova, ngayengeka;
wawunamandla kunami, wangahlula.
Ngibe yinhlekiso usuku lonke,
bonke bangiklolodela.
8Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala,
ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa,
lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa
ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.
9Lapho ngithi:
“Angisayikumkhumbula,
ngingasakhulumi egameni lakhe,”
kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo,
uvalelwe emathanjeni ami;
ngikhathele ukubekezela, angikwazi.
10 Ngizwile ukuhleba kwabaningi:
“Luvalo nxazonke.
Mmangalele! Masimmangalele!”
Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami.
“Mhlawumbe angayengwa, simahlule,
siziphindisele kuye.”
11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo;
ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka,
bangangahluli;
bayakuba namahloni kakhulu,
ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha,
nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.
12 Kepha, Jehova Sebawoti,
ovivinya olungileyo,
obona izinso nenhliziyo,
mangibone ukuphindisela kwakho kubo,
ngokuba ngikwambulele indaba yami.
13Hlabelelani kuJehova,
nimdumise uJehova,
ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.
14 Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo;
usuku umame angizala ngalo malungabusiswa.
15Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi:
“Uzalelwe umntwana wesilisa,”
emthokozisa nokumthokozisa.
16 Lowo muntu makabe njengemizi
uJehova ayigumbuqela engazisoli,
ezwe ukukhala ekuseni
nokumemeza ngesikhathi sasemini,
17ngokuba akangibulalanga esiswini,
umame waze waba yithuna lami,
nesisu sakhe saba sikhulelwe njalo.
18Ngaphumelani esiswini
ukuba ngibone umshikashika nosizi,
ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

Currently Selected:

UJeremiya 20: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy