YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 59

59
Isono nokusindiswa
1 Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe
ukuba singasindisi,
nendlebe yakhe ayinzima
ukuba ingezwa.
2 Kepha ububi benu
bunahlukanisile noNkulunkulu,
nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini
ukuba angezwa.
3 Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi,
neminwe yenu ububi;
izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga,
nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
4 Akakho omemeza ngokulunga,
akakho owahlulela ngeqiniso;
bethemba kokuyize, bakhuluma amanga;
bakhulelwe yingozi, bazala ububi.
5Bachamisela amaqanda ebululu,
baluka ubulembu bolwembu;
odlayo amaqanda abo uyafa,
okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.
6 Ubulembu babo abuyikuba yizingubo,
futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo;
isenzo sendluzula sisezandleni zabo.
7 Izinyawo zabo zigijimela ebubini,
bashesha ukuchitha igazi elingenacala;
imicabango yabo iyimicabango yobubi;
incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.
8Indlela yokuthula abayazi,
nokwahlulela akukho emikhondweni yabo;
bazenzele izindlela eziyisigwegwe,
bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.
9Ngalokho ukwahlulela kukude nathi,
nokulunga akusifumani;
sihlalela ukukhanya,
kepha bheka, ubumnyama;
silindela imini,
kepha sihamba ekuhlweni.
10 Siphuthaza udonga njengempumputhe,
yebo, siphumputha njengabangenamehlo;
sikhubeka emini njengasekuhweleleni;
phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.
11 Siyagwavuma sonke njengamabhere,*
siyalilisela nokulilisela njengamajuba;
silindela ukwahlulela, kepha akukho,
nokusindiswa, kepha kukude nathi.
12 Ngokuba iziphambeko zethu
zandile phambi kwakho,
nezono zethu ziyafakaza ngathi;
ngokuba iziphambeko zethu zikithi,
nokona kwethu siyakwazi:
13ukuphambuka nokumphika uJehova,
nokumhlubuka uNkulunkulu wethu,
nokukhuluma ukucindezela nokwambuka,
nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga
aphuma enhliziyweni.
14Ukwahlulela kubuyiselwa emuva,
nokulunga kumi kude,
ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,
nobuqotho abunakungena.
15 Iqiniso lisilele;
osuka ebubini uzenza impango;
uJehova wakubona lokho,
kwaba kubi emehlweni akhe
ukuthi ukwahlulela akukho.
16 Wabona ukuthi akukho muntu,
wamangala ukuthi wayengekho omelayo;
yayisimsindisa ingalo yakhe,
nokulunga kwakhe kwamphasa.
17 Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi,
nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe;
wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha,
wazembesa ukushisekela njengengubo.
18Njengokwenza kwabo,
kanjalo uyakubaphindisela:
ukufutheka kuzo izitha zakhe,
nokwenza kwabo kwabamelene naye,
abuyisele eziqhingini izenzo zazo.
19 Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga,
nenkazimulo yakhe empumalanga,
ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo,
oqhutshwa ngumoya kaJehova.
20 “Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi,
nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,”
usho uJehova.
21 “Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”

Currently Selected:

U-Isaya 59: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy