YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 56

56
Ukusindiswa kungokwabezizwe
1 Usho kanje uJehova, uthi:
“Gcinani ukwahlulela,
nenze ukulunga,
ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,
nokulunga kwami ukuba kwambulwe.
2 Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,
nendodana yomuntu ebambelela kukho,
ogcina isabatha engaloni,
osibamba isandla sakhe
ukuba singenzi nakuphi okubi.”
3 Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova
mayingasho ukuthi:
“Impela uJehova uyakungahlukanisa
nabantu bakhe,”
nomthenwa angathi:
“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”
4Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:
“Abagcina amasabatha ami,
nabakhetha engikuthandayo,
nababambelela esivumelwaneni sami
5 bona ngiyakubanika endlini yami
naphakathi kwezingange zami
isikhumbuzo negama elihle
kunamadodana namadodakazi;
ngiyakubanika igama eliphakade,
elingayikunqunywa.
6Nabezizwe abazihlanganisa noJehova
ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova
ukuba babe yizinceku zakhe
bonke abaligcina isabatha, bangaloni,
nababambelela esivumelwaneni sami,
7 yebo, nabo ngiyakubayisa
entabeni yami engcwele,
ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;
iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo
iyakwamukeleka e-altare lami,
ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi
indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”
8INkosi uJehova
ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:
“Ngisezakubuthela kuye nabanye
ngaphandle kwabase bebuthiwe.”
U-Israyeli wonakele
9Nonke nina zilwane zasendle,
wozani nidle,
nonke nina zilwane zasehlathini.
10Bonke abalindi bayizimpumputhe,
abanakwazi;
bonke bayizinja eziyizimungulu,
abakwazi ukukhonkotha,
balala bephupha,
bathanda ukozela.
11 Yebo, bayizinja ezihahayo,
abakwazi ukusutha;
yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,
baphendukela bonke ezindleleni zabo,
kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe,
bonke kanyekanye.
12 Wozani, ngiyakuletha iwayini,
sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;
nengomuso liyakuba njenganamuhla,
libe likhulu kakhulu.

Currently Selected:

U-Isaya 56: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy