YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 31

31
Ubuze beGibithe
1 Wo kubona abehlela eGibithe
ukuba basizwe khona,
bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni,
ngokuba ziningi,
nakubo abamahhashi,
ngokuba benamandla;
kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli,
noJehova abamfuni.
2 Nokho naye uhlakaniphile,
uyakuletha okubi;
akayikubuyisa amazwi akhe,
kepha uyakuvukela indlu yababi
nosizo lwabenza okubi.
3 AbaseGibithe bangabantu,
abasiye uNkulunkulu,
amahhashi abo ayinyama,
awasiwo umoya,
nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe
uyakukhubeka naye osizayo,
kuwe naye osizwayo,
baphele bonke kanyekanye.
4Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:
“Njengengonyama ebhongayo,
ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,
lapho abelusi abaningi belibizelwe,
aliyikwesaba izwi labo,
lingazithobi ngomsindo wabo,
kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla
ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.
5 Njengezinyoni ezindizayo
kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti,
uyakulivikela iJerusalema;
uyakulivikela, alophule,
alidlule, alikhulule.”
6Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli. 7 Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.
8 “I-Asiriya liyakuwa ngenkemba,
kungengamuntu,
nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda;
liyakubalekela usiko lwenkemba,
kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.
9Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo,
nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”*
usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni,
nosithando sakhe siseJerusalema.

Currently Selected:

U-Isaya 31: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy