YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 27

27
Ukubuyiswa kuka-Israyeli
1 Ngalolo suku uJehova uyakuhambela
ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla
uLeviyathani,* inyoka esheshayo,
uLeviyathani, inyoka ethandelayo,
abulale udrako* oselwandle.
2 Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.
“Hlabelelani ngaso.
3 Mina Jehova ngingumlindi waso,
ngiyakusinisela njalo;
funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4 Ukufutheka akukho kimi;
sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!
Bengiyakuwasukela ngokulwa,
ngiwashise kanyekanye,
5noma abambelele emandleni ami
ukuba enze ukuthula nami,
enzelane ukuthula nami.”
6 Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,
u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,
bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?
Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8 Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;
wabasusa ngomoya wakhe olukhuni
ngosuku lomoya wasempumalanga.
9 Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,
lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,
lapho enza ukuba onke amatshe e-altare
avithizeke njengamatshe omcako,
kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.
10Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,
nekhaya limukelwe,
lishiyiwe njengehlane;
ithole liyakuklaba khona,
libuthise khona,
lidle, liqede amahlamvu awo.
11Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,
kufike abesifazane,
baphembe umlilo kuwo,
ngokuba bangabantu abangenakuqonda;
ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,
nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
12Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli. 13 Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.

Currently Selected:

U-Isaya 27: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy