YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 22

22
Isiprofetho ngesiGodi Sombono
1 Isiprofetho ngesiGodi Sombono.
Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke
ophahleni lwezindlu
2wena muzi ogcwele ukumemeza,
oxokozelayo,
muzi othokozayo, na?
Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,
kabafelanga empini.
3 Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,
zaboshwa ngaphandle kweminsalo;
zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,
noma zazibalekele kude.
4 Ngalokho ngathi:
“Ningangibheki,
ngiyakukhala ngomunyu;
ningazami ukungiduduza
ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”
5Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,
nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,
oluvela eNkosini uJehova Sebawoti
esiGodini Sombono
kanye nokudilizwa kwezingange
nokumemeza ezintabeni.
6I-Elamu lathwala isambo
phakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,
neKhiri lambula isihlangu.
7Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyo
zagcwala izinqola,
nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.
8 Wasisusa isimbozo kwaJuda;
wena wabheka ngalolo suku
izikhali zasendlini yehlathi.
9Nabona imifantu emzini kaDavide
ukuthi yayiminingi,
nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.
10 Nazibala izindlu zaseJerusalema,
nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.
11 Futhi nenzela amanzi echibi elidala
umgodi phakathi kwezingange zombili,
kepha anibhekanga kumenzi walokho,
animnakanga okade wakunquma.
12Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti
yabizela ukukhala, nokulila,
nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,
13 kepha bheka,
nakhu ukujabula, nokuthokoza,
nokubulala izinkabi,
nokuhlaba izimvu,
ukudla inyama nokuphuza iwayini,
ngokuthi: “Masidle, siphuze,
ngokuba ngomuso sizakufa.”
14Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Isiprofetho ngoShebina no-Eliyakimi
15Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:
“Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:
16‘Wenzani lapha,
futhi unobani lapha
ukuba uziqophele lapha ithuna na?
Uziqophela ithuna lakhe phezulu,
uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’
17“Bheka, uJehova uyakukulahla
njengalokhu umuntu elahla,
abambe nokubamba.
18Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo,
akulahle njengegabade ezweni elibanzi.
Uyakufela khona,
lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho
wena hlazo lendlu yenkosi yakho.
19Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho,
ngikuwise endaweni yakho.
20 “Kuyakuthi ngalolo suku ngiyibize inceku yami u-Eliyakimi indodana kaHilikiya; 21ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande* lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda. 22 Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu. 23Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise. 24Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
25“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.

Currently Selected:

U-Isaya 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy