YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 21

21
Isiprofetho ngeBabele
1Isiprofetho ngehlane lolwandle.
Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu
kuvela ehlane ezweni elesabekayo.
2Ngitshelwe umbono olukhuni:
umphangi uyaphanga,
umchithi uyachitha.
Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya;
konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.
3Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo;
inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo;
ngikhonkobele ukuba ngingezwa,
ngiphele amandla ukuba ngingaboni.
4Ngadukelwa yingqondo,
ngashaywa luvalo;
ukuhwelela engakulangazelela
kwaphenduka ukuthuthumela kimi.
5Ngukulungisa itafula yini?
Ngukwendlala izindwangu,
ukudla nokuphuza, na?
Hhayi, sukumani, zikhulu,
nicobe izihlangu.
6Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:
“Hamba umise umlindi
ozakubika akubonayo.
7Lapho ebona abamahhashi,
amahhashi amabili ngamabili,
nezinkweli zezimbongolo,
nezinkweli zamakamela,
uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”
8 Obonayo wayesememeza, wathi:
“Nkosi yami,
ngimi njalo emini embhoshongweni wami,
ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.
9 Bheka, kuyeza isigaba samadoda,
amahhashi amabili ngamabili.
Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele,
nazo zonke izithombe ezibaziweyo
zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”
10Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,
engikuzwileyo kuJehova Sebawoti,
uNkulunkulu ka-Israyeli,
khona ngiyanazisa.
Isiprofetho ngeDuma
11 Isiprofetho ngeDuma.
Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:
“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?
Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”
12Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa,
kepha kuse sebusuku.
Uma nithanda ukubuza, buzani;
buyani nize.”
Isiprofetho nge-Arabiya
13 Isiprofetho nge-Arabiya.
Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya
nina mahele aseDedanimi.
14Owomileyo bamlethela amanzi
abakhileyo ezweni laseThema,
bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.
15Ngokuba babalekela izinkemba,
izinkemba ezihoshiweyo,
neminsalo ensaliweyo,
nobunzima bempi.
16 Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela, 17nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.

Currently Selected:

U-Isaya 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy