YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 2

2
Intaba yendlu kaJehova
1Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.
2 Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo
intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,
iphakame kunamagquma,
nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.
3 Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:
“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova
endlini kaNkulunkulu kaJakobe;
uyakusifundisa izindlela zakhe,
sihambe emikhondweni yakhe,”
ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,
nezwi likaJehova eJerusalema.
4 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,
anqume phakathi kwabantu abaningi;
bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,
nemikhonto yabo ibe ngocelemba;
isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,
zingabe zisafunda ukulwa.
5Wena ndlu kaJakobe,
woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.
Usuku lukaJehova
6Ngokuba ushiyile abantu bakho,
indlu kaJakobe,
lokhu begcwele ezasempumalanga,
behlola imihlola njengamaFilisti,
bexhawulana nabantwana babezizwe.
7Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,
akukho ukuphela kwengcebo yabo;
izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,
nokuphela kwezinqola akukho.
8 Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe;
bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo
nakwekwenzileyo iminwe yabo.
9Kepha abantu bayakufoliswa,
namadoda ayakuthotshiswa;
abayikuthethelelwa.
10 Ngena edwaleni, ucashe othulini
ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.
11 Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa,
nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola,
kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.
12 Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba
phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo,
naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,
13naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni,
emide nephakemeyo,
naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani,
14naphezu kwazo zonke izintaba ezinde,
naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,
15naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,
naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,
16naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi,
naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.
17Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa,
nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa,
kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,
18ziphele izithombe, zithi nya.
19Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba
ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe,
lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.
20 Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo
amavukuzi nakuwo amalulwane
izithombe zabo zesiliva
nezithombe zabo zegolide,
abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,
21ukuze bangene emihumeni yamadwala
nasemifantwini yeziwa
ngokwesabeka kukaJehova
nangodumo lobukhosi bakhe,
lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.
22 Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje,
ngokuba babalwa njengantoni na?

Currently Selected:

U-Isaya 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy