YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 10

10
1 Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,
nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,
2 ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,
nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,
ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,
baqhwage izintandane.
3 Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa
nasekuchithakaleni okuvela kude na?
Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?
Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
4 Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,
niyakuwa phakathi kwababuleweyo;
kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,
isandla sakhe siseluliwe.
I-Asiriya liyalahlwa
5 “Wo kulo i-Asiriya,
intonga yentukuthelo yami,
nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.
6 Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,
ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami
ukuba liphange impango, liqhwage,
libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.
7Nokho akusiwo umqondo walo,
inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,
kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha
nokunquma izizwe ezingeyingcosana.
8Ngokuba lithi:
‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?
9 IKalino alinjengeKharikemishi na?
IHamati alinjenge-Aripadi na?
ISamariya alinjengeDamaseku na?
10Njengalokhu isandla sami
siyitholile imibuso yezithombe
ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula
eyaseJerusalema neyaseSamariya,
11anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,
njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”
12 Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo. 13Ngokuba uthi:
“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,
nangokuhlakanipha kwami,
ngokuba nginokuqonda;
ngisusile imikhawulo yezizwe,
ngiphangile ingcebo yazo,
njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.
14Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,
nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo
ngibuthile wonke umhlaba,
akwababikho oshaya phiko,
novula mlomo, notshiyozayo.”
15Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?
Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,
njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,
nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?
16Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma
ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,
nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa
njengokushisa komlilo.
17Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,
oNgcwele wakhe abe yilangabi;
kuyakushisa kuqede ameva akhe
namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
18Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,
umzimba nomphefumulo,
kube njengesiguli esinyamalalayo.
19Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,
ukuze ibhalwe ngumntwana.
20Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli
nabasindileyo bendlu kaJakobe
bangasenciki kobashayileyo,
kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.
21Insali iyakubuya, insali kaJakobe,
ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
22 Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,
bengangesihlabathi solwandle,
kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;
ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.
23 Ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti
iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo
phakathi kwawo wonke umhlaba.
24Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:
“We bantu bami, enakhe eSiyoni,
ningalesabi i-Asiriya,
lapho likushaya ngentonga yalo,
liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.
25Ngokuba kusezakuba yisikhashana nje
kuze kuphele ukufutheka kwami,
intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”
26 UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu
njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,
nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,
ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.
27Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo
ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.
Liyakhuphuka eRimoni,
28liyeza e-Ayati,
lidlula eMigroni;
lethula impahla yalo eMikimashi;
29badlula esikhaleni,
ebusuku bahlala eGeba;
iRama liyaqhaqhazela,
iGibeya likaSawule liyabaleka.
30Zamuluka ngezwi lakho,
ndodakazi yaseGalimi;
qaphela, Layishi,
yiphendule, Anathoti.
31IMadimena selibalekile,
abakhileyo eGebimi bathutha impahla.
32Namhla nje liyema ngaseNobi,
linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni,
intaba yaseJerusalema.
33 Bheka, iNkosi uJehova Sebawoti
iyanquma amagatsha ngokwesabekayo,
kugawulwe abaphakemeyo,
nabazikhukhumezayo behliswe.
34Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi,
neLebanoni liyawa ngoNamandla.

Currently Selected:

U-Isaya 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy