YouVersion Logo
Search Icon

UHoseya 3

3
1UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”
2Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali,* nangenxenye yehomere lebhali, 3ngathi kuye: “Uyakuhlala kimi izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowomunye, nami ngibe njalo kuwe.”
4Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.* 5 Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.

Currently Selected:

UHoseya 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy