YouVersion Logo
Search Icon

UHoseya 10

10
Isijeziso ngokungathembeki kuka-Israyeli
1 U-Israyeli wayengumvini owenabileyo,
ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe;
ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.
2Inhliziyo yabo yayahlukene;
uyakuwaphula ama-altare abo,
achithe izinsika zabo.
3Yebo, manje bayakuthi:
“Asinankosi,
ngokuba asimesabanga uJehova;
kepha inkosi ingasenzelani na?”
4Bakhuluma amazwi nje,
befunga amanga,
benza isivumelwano;
bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.
5 Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo
ngenxa yamathole aseBeti Aveni,
ngokuba abantu balo bayakulila ngawo,
abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo
ukuthi lumukile kuwo.
6 Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi;
u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo,
u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.
7Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.
8 Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni,
isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa;
ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo;
bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,”
nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”
9 “Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli;
bema khona;
impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?
10 Lapho ngithanda, ngiyabajezisa;
abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.
11 U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo,
esithanda ukubhula amabele;
kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle;
sengiyakumbophela u-Efrayimi,
uJuda alime,
uJakobe azidubele.
12 Zihlwanyeleleni ngokulunga,
niyakuvuna ngomusa;
qathani umqatho wenu;
sekuyisikhathi sokumfuna uJehova,
aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
13Nilime ububi,
navuna okubi;
nidlile izithelo zamanga,
ngokuba nethemba endleleni yenu
nakubo ubuningi bamaqhawe enu.
14Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho,
zichithwe zonke izinqaba zakho,
njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa,
unina echotshozwa phezu kwabantwana.
15Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu;
ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.

Currently Selected:

UHoseya 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy