YouVersion Logo
Search Icon

KumaHeberu 3

3
UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini
1 Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, 2 owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. 3 Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. 4Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu. 5UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, 6 kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.
Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe
7 Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni
ngosuku lokulingwa ehlane,
9lapho oyihlo bangilinga bengihlola,
noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;
10ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,
ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,
abazazanga izindlela zami,’
11ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,
ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”
12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; 13kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, 14 ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. 15Uma kuthiwa:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu
njengasekucunuleni,”
16pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na? 17 Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na? 18 Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na? 19Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

Currently Selected:

KumaHeberu 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy