YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 9

9
Isivumelwano sikaNkulunkulu noNowa
1 UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba. 2Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu. 3 Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.
4 “Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla. 5Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye. 6Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe. 7Kepha zalani nina, nande, nichume emhlabeni, nivame kuwo.”
8UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe enaye, wathi: 9“Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu, 10nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni. 11 Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.”
12UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade: 13ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba. 14Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini. 15Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke. 16Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”
17UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenzile phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.”
18Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani. 19Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.
Amazwi kaNowa kumadodana akhe
20UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini. 21Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe. 22UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle. 23 OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
24UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane. 25Wathi:
“Makaqalekiswe uKhanani,
abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”
26Wathi futhi:
“Ubusisiwe uJehova,
uNkulunkulu kaShemi,
uKhanani abe yisigqila sabo.
27UNkulunkulu amandise uJafete,
ahlale ematendeni kaShemi,
uKhanani abe yisigqila sabo.”
Ukufa kukaNowa
28Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu. 29Izinsuku zonke zikaNowa zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu.

Currently Selected:

UGenesise 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy