YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 5

5
Inzalo kaSeti
1 Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu. 2Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.
3U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti. 4Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi. 5Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.
6USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe. 7Emva kokuzalwa kuka-Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi. 8Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.
9U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani. 10Emva kokuzalwa kukaKhenani u-Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi. 11Zonke izinsuku zika-Enoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
12UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele. 13Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane, wazala amadodana namadodakazi. 14Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.
15UMahalalele wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uJarede. 16Emva kokuzalwa kukaJarede uMahalalele wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi. 17Zonke izinsuku zikaMahalele zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
18UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke. 19Emva kokuzalwa kuka-Enoke uJarede wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, wazala amadodana namadodakazi. 20Zonke izinsuku zikaJarede zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili; wayesefa.
21U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela. 22Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi. 23Zonke izinsuku zika-Enoke zaziyiminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu. 24 U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
25UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka. 26Emva kokuzalwa kukaLameka uMetushela wahamba iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala amadodana namadodakazi. 27Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.
28ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana. 29Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.” 30Emva kokuzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi. 31Zonke izinsuku zikaLameka zaziyiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa; wayesefa.
32UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.

Currently Selected:

UGenesise 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy