YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 41

41
Amaphupho kaFaro
1Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni. 2Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni. 3Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo, zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula. 4Izithole ezibukeka kabi ezondileyo zadla izithole ezibukeka kahle ezikhulupheleyo. Wayesephaphama uFaro.
5Walala ubuthongo, waphupha ngokwesibili; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle. 6Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo. 7Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
8Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.
9 Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: “Ngiyakhumbula namuhla amacala ami. 10UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa. 11Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe. 12Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe. 13Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.”
14 UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.
15Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”
16UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”
17UFaro wakhuluma kuJosefa, wathi: “Ephusheni lami, bheka, ngangimi ogwini lomfula; 18bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni. 19Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe. 20Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo. 21Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.
22“Futhi ngabona ephusheni lami, bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle. 23Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo. 24Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”
25UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona. 26Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye. 27Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.
28“Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro. 29Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe. 30Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe. 31Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu. 32Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.
33“Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo, ambeke phezu kwezwe laseGibithe. 34Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala. 35Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde. 36Lokhu kudla kuyakubekelelwa izwe ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala.”
Ukuphakanyiswa kukaJosefa
37Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke. 38Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”
39Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe. 40 Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”
41Wathi uFaro kuJosefa: “Bheka, sengikubeke phezu kwezwe lonke laseGibithe.” 42UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe. 43Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.
44UFaro wathi kuJosefa: “NginguFaro; ngaphandle kwakho akuyikuphakamisa muntu isandla sakhe nonyawo lwakhe ezweni lonke laseGibithe.” 45UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.
46UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe. 47Ngeminyaka eyisikhombisa yenala umhlaba wathela kakhulu. 48Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo. 49UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle, okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa.
Indlala
50 UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. 51UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.” 52Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”
53Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela. 54 Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona. 55Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”
56Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe. 57Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

Currently Selected:

UGenesise 41: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy