YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 39

39
Isikhundla sikaJosefa
1 UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
2UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe. 3Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe. 4UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe. 5Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini. 6Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.
Ubumhlophe bukaJosefa
7Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.”
8Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami; 9ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?” 10Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.
11Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu, 12wambamba ngengubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.
13Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka, 14wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu; 15wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.”
16Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe. 17Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami; 18kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.”
Ukuboshwa kukaJosefa
19Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: “Yenze njalo kimi inceku yakho,” lwavutha ulaka lwayo. 20 Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni. 21Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo. 22Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza. 23 Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.

Currently Selected:

UGenesise 39: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy