YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 34

34
UDina woniwa nguShekemi
1UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe. 2UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona. 3Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi. 4UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombazana, ibe ngumkami.”
5UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.
6UHamori uyise kaShekemi waphumela kuJakobe ukuyokhuluma naye. 7 Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
8UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe. 9Ganiselanani nathi, nisiphe amadodakazi enu, nizithathele amadodakazi ethu. 10Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.”
11UShekemi wayesethi kuyise nakubanewabo: “Ake ngifumane umusa emehlweni enu; lokho eniyakukusho kimi, ngiyakuninika khona. 12Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”
13Amadodana kaJakobe abaphendula oShekemi noHamori uyise ngobuqili, akhuluma, njengokuba ebemngcolisile uDina udadewabo, 14athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina. 15Kepha ngalokho singanivumela: uma nizakuba njengathi, kusokwe bonke abesilisa bakini, 16siyakuninika amadodakazi ethu, sizithathele amadodakazi enu, sihlale nani, sibe yisizwe sinye. 17Kepha uma ningasilaleli, nisokwe, siyakuthatha indodakazi yethu, sihambe.”
18Amazwi abo aba mahle koHamori noShekemi indodana kaHamori. 19Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise. 20OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi: 21“Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi; ngalokho mabahlale ezweni, balihambe, ngokuba bheka, izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu. 22Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi, sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe. 23Imihlambi yabo, nempahla yabo, nezinkomo zabo akuyikuba ngokwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.”
24Bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe balalela oHamori noShekemi indodana yakhe; bonke abesilisa basokwa, bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe.
Ukuphindisela kwabanewabo bakaDina
25 Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu, amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa. 26Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bakhipha uDina endlini kaShekemi, bahamba. 27Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo. 28Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, okwakusemzini nokwakusendle, 29nemfuyo yonke yabo; athumba abantwana babo nawomkabo, abaphanga kanye nakho konke okusendlini.
30UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”
31Base bethi: “Ngabe bemenza udadewethu isifebe na?”

Currently Selected:

UGenesise 34: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy