YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 31

31
UJakobe uyabalekela uLabani
1Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.” 2UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.
3UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”
4UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe. 5Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami. 6Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke. 7 Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi. 8Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe. 9Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.
10“Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala. 11Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’ 12Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe. 13 NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”
14ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: “Sisenesabelo nefa endlini kababa na? 15Asibalwanga njengabofakazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu. 16Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”
17UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni. 18Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
19 ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise. 20UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka. 21Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
22Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile. 23Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi. 24UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”
25ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi. 26ULabani wathi kuJakobe: “Wenzeni, lokhu unginyenyele, wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na? 27Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu,* na? 28Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho. 29Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’ 30Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”
31UJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Ngokuba ngesaba ngithi: Funa ungiqhwage amadodakazi akho. 32Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe.” Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.
33ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli. 34URaheli wayezithathe izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.
35Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.
36UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na? 37Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.
38“Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga. 39 Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku. 40Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami. 41Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi. 42Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”
43ULabani waphendula, wathi kuJakobe: “Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na? 44Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”
Ukubuyisana kukaJakobe noLabani
45UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika. 46Wathi uJakobe kubafowabo: “Buthani amatshe,” bathatha amatshe, benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba. 47ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari Sahadutha,* kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi.*
48Wathi uLabani: “Le nqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla.” Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi, 49neMispa futhi, ngokuba wathi: “UJehova makalinde phakathi kwami nawe, lapho sesingasabonani. 50Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”
51Wathi uLabani kuJakobe: “Bheka, le nqwaba nensika engikumise phakathi kwami nawe, 52le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi. 53UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.”
UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka. 54UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
55ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.

Currently Selected:

UGenesise 31: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy