YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 30

30
Abanye abantwana bakaJakobe nemfuyo yakhe
1URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.”
2Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?”
3 Wathi: “Nansi incekukazi yami uBiliha; ngena kuye, ukuze azalele emathangeni ami, ngakheke nami ngaye.”
4Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye. 5UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana. 6Wayesethi uRaheli: “UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.
7UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesibili. 8URaheli wathi: “Ngokubambana ngibambene nodadewethu ngamandla kaNkulunkulu, ngamahlula,” waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.
9ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe. 10UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana. 11ULeya wayesethi: “Kwenziwe inhlanhla,” waqamba igama layo ngokuthi uGadi.
12UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela indodana yesibili. 13Wayesethi uLeya: “Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo,” waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.
14Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora* endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: “Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.”
15Wathi kuye: “Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na?”
URaheli wathi: “Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodana yakho.”
16Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: “Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami.” Wayeselala naye ngalobo busuku.
17UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu. 18Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami,” waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.
19ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha. 20Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
21Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
22UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe. 23Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “UNkulunkulu ususile ihlazo lami.” 24Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa, ethi: “UJehova makangenezelele nenye indodana futhi.”
25Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi. 26 Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.”
27ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.” 28Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.”
29Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngikukhonze kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi. 30Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”
31Wathi: “Ngiyakukuphani na?”
Wathi uJakobe: “Awuyikunginika lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde. 32Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami. 33Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.”
34Wayesethi uLabani: “Bheka, makube njengezwi lakho.” 35Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe. 36Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.
37UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula* nezomalimondi* nezompelatani,* wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini. 38 Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza. 39Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.
40UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani. 41Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti. 42Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka, akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe. 43Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.

Currently Selected:

UGenesise 30: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy