YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 25

25
Amadodana ka-Abrahama kuKetura.Ukufa kuka-Abrahama
1U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura. 2Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. 3UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi. 4Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.
5 U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho. 6Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.
7Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu. 8 U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe. 9O-Isaka no-Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre, 10 insimu ayithenga u-Abrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe. 11 Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.
Inzalo ka-Ishmayeli
12 Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.
13 Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu, 14noMishima, noDuma, noMasa, 15noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema; 16yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo. 17Le iyiminyaka yokuhamba kuka-Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe. 18 Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.
Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe
19 Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; 20u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
21U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa. 22Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova.
23 UJehova wathi kuye:
“Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili;
izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho;
esinye isizwe siyakwahlula esinye,
omkhulu akhonze omncane.”
24Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.
25Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu. 26 Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
27Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni. 28U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.
29Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe. 30U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe,” ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.*
31 Wayesethi uJakobe: “Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.”
32Wathi u-Esawu: “Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?”
33 UJakobe wathi: “Funga kimi namuhla.” Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.
34UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.

Currently Selected:

UGenesise 25: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy