YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 24

24
U-Isaka uganwa nguRebeka
1U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke. 2 Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami. 3Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo, 4kepha uye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami u-Isaka umfazi.”
5Inceku yathi kuyo: “Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela, eze kuleli zwe; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni, lapho wavela khona na?”
6U-Abrahama wathi kuye: “Qaphela ukuba ungayibuyiseli khona indodana yami. 7 UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi. 8Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.” 9Inceku yayisibeka isandla sayo phansi kwethanga lika-Abrahama inkosi yayo, yafunga kuye ngale ndaba.
10 Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori. 11Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
12Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa. 13Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi. 14Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi: ‘Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze,’ ithi: ‘Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho,’ ibe yileyo-ke oyimisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”
15 Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe. 16Intombazana yayibukeka kahle, iyintombi, engaziwa yindoda; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.
17Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza, yathi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.”
18Yathi: “Phuza, nkosi,” yashesha yehlisa imbiza yayo esandleni sayo, yayiphuzisa.
19Kwathi isiqedile ukuyiphuzisa, yathi: “Ngiyakukhelela namakamela akho, aze aphuze onke.” 20Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo. 21Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.
22Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi: 23“Wena uyindodakazi kabani na? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?”
24Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.” 25Yaqhubeka yathi kuyo: “Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.”
26Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova, 27yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”
28Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto. 29URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni. 30Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni. 31Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”
32Wayesengena endlini lowo muntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye. 33Kwabekwa phambi kwakhe ukudla ukuba adle, kepha wathi: “Angiyikudla ngingakakhulumi indaba yami.”
Wathi: “Khuluma.”
34Wayesethi: “Ngiyinceku ka-Abrahama. 35UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo. 36USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho. 37Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo, 38kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami umfazi.’
39“Ngase ngithi enkosini yami: ‘Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.’
40“Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa. 41Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami.’
42“Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngithi: ‘Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo, 43bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,” 44ithi kimi: “Phuza wena, futhi ngizakuwakhelela namakamela akho,” kube yiyo engumfazi uJehova ammiseleyo indodana yenkosi yami.’
45“Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni, wakha; ngathi kuye: ‘Ake ungiphuzise.’
46“Washesha wehlisa imbiza yakhe ehlombe, wathi: ‘Phuza; ngizakuwaphuzisa namakamela akho;’ ngaphuza-ke; namakamela wawaphuzisa.
47“Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’
“Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe. 48Ngakhothama, ngakhuleka kuJehova, ngabonga uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, obengihole endleleni elungileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami. 49Manje-ke uma nithanda ukuyenzela inkosi yami umusa neqiniso, ngitsheleni; uma kungenjalo, ngitsheleni, ukuze ngiphendukele ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.”
50Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle. 51Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.”
52Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova. 53Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu. 54Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuke ekuseni, yathi: “Ngithumeni enkosini yami.”
55Umnewabo nonina bathi: “Ake ihlale kithina intombazana izinsukwana, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe.”
56Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”
57Base bethi: “Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.” 58Bambiza uRebeka, bathi kuye: “Uzakuhamba nale ndoda na?”
Wathi: “Ngizakuhamba.”
59 Base bemukisa udadewabo uRebeka, nomzanyana wakhe, nenceku ka-Abrahama, namadoda ayo. 60Bambusisa uRebeka, bathi kuye:
“Dadewethu,
yiba wena izinkulungwane zezigidi,
inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”
61URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.
62 Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu. 63U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela. 64NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni. 65Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?”
Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.
66Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile. 67 U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.

Currently Selected:

UGenesise 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy