YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 21

21
Ukuzalwa kuka-Isaka
1 UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. 2USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. 3U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. 4 U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile. 5U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe.
6USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.” 7Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”
O-Ishmayeli noHagari besehlane
8Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa. 9USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa. 10 Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”
11Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe. 12 UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka. 13 Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”
14U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.
15Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla. 16Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.
17UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona. 18Vuka uphakamise umfana, umbambe ngesandla sakho, ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.”
19UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.
20UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo. 21Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.
Isivumelwano sika-Abrahama no-Abimeleki
22 Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo. 23Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”
24U-Abrahama wathi: “Ngizakufunga.”
25Kepha u-Abrahama wamsola u-Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki. 26Kepha u-Abimeleki wathi: “Angazi ukuthi kwenziwe ngubani lokhu; nawe awungitshelanga, nami angikuzwanga kuze kube namuhla.”
27U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi, wazipha u-Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano. 28U-Abrahama wabeka izimvukazana eziyisikhombisa zomhlambi ngokwazo. 29U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa ozibeke zodwa ziyini na?”
30Wathi: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa uyakuzithatha esandleni sami, zibe ngubufakazi bokuthi ngiwumbile lomthombo.”
31Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.
32Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti. 33U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade. 34U-Abrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi.

Currently Selected:

UGenesise 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy