YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 15

15
Isivumelwano sikaJehova no-Abrama
1Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
2Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.” 3U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”
4 Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.” 5 Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”
6 Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.
7Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”
8Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”
9Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”
10 Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. 11Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha.
12Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu. 13Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. 14Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. 15 Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala. 16Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”
17 Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. 18 Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe: 19amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni, 20 namaHeti, namaPherizi, namaRefa, 21nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.”

Currently Selected:

UGenesise 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy