YouVersion Logo
Search Icon

UGenesise 11

11
Umbhoshongo waseBabele
1Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye. 2Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.
3Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo. 4Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”
5UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu. 6UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza. 7Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”
8Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi. 9Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.
Inzalo kaShemi
10 Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo. 11Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.
12 U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela. 13Emva kokuzalwa kukaShela u-Arpakishade wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.
14UShela wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala u-Ebere. 15Emva kokuzalwa kuka-Ebere uShela wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.
16U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege. 17Emva kokuzalwa kukaPhelege u-Ebere wahamba iminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
18UPhelege wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uRehu. 19Emva kokuzalwa kukaRehu uPhelege wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
20URehu wahamba iminyaka engamashumi amathathu nambili, wazala uSerugi. 21Emva kokuzalwa kukaSerugi uRehu wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.
22USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori. 23Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.
24UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera. 25Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
26UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
27Lezi ziyizizukulwane zikaThera.
UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti. 28UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi. 29O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska. 30USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.
31 UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.
32Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.

Currently Selected:

UGenesise 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy