YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 42

42
1Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho, wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho, 2ohlangothini olude, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, umnyango ungasenyakatho; ububanzi babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu. 3Malungana nezingalo ezingamashumi amabili ezazingezegceke elingaphakathi, namalungana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kwakukhona umpheme malungana nompheme eyelakanyene kathathu. 4Ngaphambi kwamakamelo kwakukhona indlela yokuhamba, ububanzi bayo buyizingalo eziyishumi ngaphakathi, nobude bayo buyizingalo eziyikhulu; iminyango yawo yayingasenyakatho. 5Amakamelo aphezulu ayemafushane, ngokuba imipheme yanciphisa kulawa kunakwaphansi naphakathi esakhiweni. 6Ngokuba ayelakanyene kathathu; ayengenazinsika njengezinsika zamagceke; ngalokho angaphezulu ayehlehlile kunaphansi naphakathi kusukela emhlabathini. 7Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu. 8Ngokuba ubude bamakamelo ayesegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, kepha bheka, ngaphambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu. 9Kusukela phansi kwalawa makamelo kwakukhona ukungena ngasempumalanga, lapho kwangenwa kuwo kuvelwa egcekeni elingaphandle.
10Lapho ugange lwegceke lwaludumbile khona ngasempumalanga, ngaphambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo, kwakukhona amakamelo nalapho. 11Indlela phambi kwawo yayinjengesimo seyamakamelo angasenyakatho; ububanzi babunjengobude; izindawo zawo zokuphuma zazinjengemithetho yazo nanjengeminyango yazo. 12Njengeminyango yamakamelo aseningizimu kwakukhona umnyango esihlokweni sendlela, indlela malungana nogange ngasempumalanga, lapho kungenwa kuwo.
13 Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele, babeke khona okungcwelengcwele, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele. 14Lapho abapristi bengena, abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele; bayakwembatha ezinye izingubo, basondele kulokhu okungokwabantu.”
15Lapho eseqede ukulinganisa indlu engaphakathi, wangiphumisa ngendlela yesango elingasempumalanga, walinganisa ukuzungeza. 16Walinganisa uhlangothi lwasempumalanga ngohlanga lokulinganisa: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa nxazonke. 17Walinganisa uhlangothi lwasenyakatho: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa nxazonke. 18Walinganisa uhlangothi lwaseningizimu: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa. 19Wayesephendukela ohlangothini lwasentshonalanga, walinganisa izinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa. 20Wayilinganisa ezinhlangothini zozine; yayinogange nxazonke, ubude balo buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu ukwahlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele.

Currently Selected:

UHezekeli 42: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy