YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 24

24
Ikhanzi elibilayo
1Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku. 3 Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Beka ikhanzi, libeke,
uthele amanzi kulo,
4uqoqele kulo izinqamu zalo,
zonke izinqamu ezinhle,
ithanga nehlombe,
uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.
5Thatha okukhethekileyo komhlambi,
ubungele izinkuni phansi kwalo,
ulibilise nokulibilisa,
kuphekwe namathambo phakathi kwalo.
6 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Maye kumuzi wezingazi,
kulo ikhanzi elinokugqwala,
nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo!
Khipha kulo izinqamu ngezinqamu;
alidliwanga yinkatho.
7 “ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo;
wazibeka edwaleni eliyinyabule;
akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.
8 Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo,
ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule
ukuba zingasitshekelwa.
9 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
“ ‘Maye kumuzi wezingazi!
Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.
10Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo,
uqede inyama, wome umhluzi,
amathambo ashiswe.
11Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho,
ukuze lishise, kushe ithusi lalo,
kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwalo
ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.
12Ngizikhathazile ngeze,
nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo;
ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.
13 “ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.
14“ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”
15Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 16“Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla. 17 Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”
18Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.
19Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”
20Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 21 Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba. 22Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu. 23 Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu, nibubulelane omunye nomunye. 24 UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakwenza njengakho konke ukwenza kwakhe; lapho kufikile lokhu, niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’
25“Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo, 26 ngalolo suku obalekayo uyakufika kuwe, akuzwise lokhu ngezindlebe zakho, na? 27 Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu; uyakuba yisibonakaliso kubo, bazi ukuthi nginguJehova.”

Currently Selected:

UHezekeli 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy