YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 36

36
Ukwakhiwa kwetabernakele*
1“OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”
2UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo, bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze. 3Bawamukela kuMose wonke umnikelo, abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle. 4Bonke abahlakaniphileyo ababeyisebenza yonke imisebenzi yendlu engcwele beza, kwaba yilowo nalowo wavela emsebenzini wakhe owawusebenzayo, 5bathi kuMose: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.”
6UMose wayeseyala, kwamenyezelwa ekamu,* kwathiwa: “Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele.” Base bevinjelwa abantu ukuletha. 7Okwase kwenziwe kwakwanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala.
8 Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo phakathi kwabo abasebenza umsebenzi benza itabernakele* ngezilenge eziyishumi, bazenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zinamakherubi,* umsebenzi wengcweti. 9Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, nobubanzi besilenge babuyizingalo ezine; zonke izilenge zazinesilinganiso sinye. 10Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye. 11Wazenza izihibe eziluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni ngasekuhlanganeni; wenze njalo naseceleni lesilenge sokugcina ngasekuhlanganeni kwesibili. 12Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge; wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili; izihibe zazibhekana. 13Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, wazihlanganisa izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, kwaba yitabernakele linye.
14 Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele; wazenza izilenge eziyishumi nanye. 15Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amathathu, nobubanzi bezilenge babuyizingalo ezine; izilenge eziyishumi nanye zazinesilinganiso sinye. 16Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu zodwa, nezilenge eziyisithupha zodwa. 17Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge ekuhlanganeni kwesibili. 18Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zethusi zokuhlanganisa itende libe linye. 19Wasenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo ngezikhumba zamatahasi* phezulu.
20 Wawenza amapulangwe amiyo etabernakele ngomuthi womtholo. 21Ubude bepulangwe babuyizingalo eziyishumi, nobubanzi bepulangwe babuyingalo nenxenye. 22Yilelo nalelo pulangwe lalinemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele. 23Wawenza amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothi lwaseningizimu olubheka ngaseningizimu. 24Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, ezemisuka yalo emibili. 25Uhlangothi lwesibili lwetabernakele ngasohlangothini lwasenyakatho walwenzela amapulangwe angamashumi amabili, 26nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe. 27Uhlangothi lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga walwenzela amapulangwe ayisithupha. 28Amapulangwe amabili wawenzela amagumbi etabernakele angasemuva. 29Ayemabili phansi, kanjalo aphelela aze afika phezulu esongweni lokuqala; wenze njalo kuwo omabili emagumbini omabili. 30Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva, izinyawo eziyishumi nesithupha, izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.
31Wayenza imishayo ngomuthi womtholo, yaba ngeyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, 32nemishayo eyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe etabernakele ohlangothini olungasemuva ngasentshonalanga. 33Wawenza umshayo waphakathi ukuba udabule phakathi kwamapulangwe, kusukela ekugcineni ngalapha kuze kufike ekugcineni ngalapha. 34Wanameka amapulangwe ngegolide, wawenza amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zezinti; wanameka nezinti ngegolide.
35 Wasenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, wasenza saba namakherubi,* umsebenzi wengcweti. 36Wasenzela izinsika ezine zomtholo, wazinameka ngegolide; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva. 37Walenza iveli lomnyango wetende ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, 38nezinsika zalo eziyisihlanu nezingwegwe zazo; wanameka izihloko zazo nezibopho zazo ngegolide; izinyawo zazo eziyisihlanu zaziyithusi.

Currently Selected:

U-Eksodusi 36: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy