YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 28

28
Isambatho sika-Aroni nesamadodana akhe
1“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni. 2 Umenzele u-Aroni umfowenu izambatho ezingcwele, ezobukhosi nezokuhlobisa. 3 Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi. 4Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi. 5Makathathe igolide, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
6 “Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti. 7Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe. 8Ibhande* elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
9“Wothatha amatshe amabili amashohamu,* uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli, 10amagama ayisithupha abo kwelinye itshe namagama abayisithupha abaseleyo kwelinye itshe njengokuzalwa kwabo. 11Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide. 12Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo. 13Wozenza izisekelo zegolide, 14namaketanga amabili egolide elicwengekileyo, uwenze abe njengamagoda, umsebenzi othandelweyo ezisekelweni.
15 “Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. 16Masibe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo, siphindwe kabili; ubude baso bube njengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso bube njengokudazuluka kweminwe. 17Ufake kuso izisekelo zamatshe, kube yizinhla ezine zamatshe: uhla lwesardiyu,* netopazi,* nerubi,* lube luhla lokuqala; 18uhla lwesibili lube yisimaragidu,* nesafire,* nedayimani;* 19uhla lwesithathu lube yihiyakinte,* ne-agathe,* ne-amethiste;* 20uhla lwesine lube yikrisolithe,* neshohamu,* nejaspi;* azungezwe ngegolide ezisekelweni zawo. 21Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, abe yishumi nambili njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.
22“Wenze kuso isihlangu sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo. 23Wenze kuso isihlangu sesifuba amasongo amabili egolide, uwafake amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu sesifuba. 24Wowafaka amaketanga omabili athandelweyo ngegolide emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba. 25Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe. 26Uyakuwenza amasongo amabili egolide, uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi. 27Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe. 28Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29“U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo. 30 Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi,* ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.
31 “Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke, 32kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa. 33Emiphethweni yalo wowenza amapomegranati* ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, azungeze imiphetho yalo, kanye nezikhencezo zegolide phakathi kwawo nxazonke, 34kube yisikhencezo segolide nepomegranati,* isikhencezo segolide nepomegranati njalo emiphethweni yejazi nxazonke. 35U-Aroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala, nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova, nanxa ephuma, ukuze angafi.
36 “Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo, uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: ‘Wahlukaniselwe uJehova’. 37Umfake ngentambo eluhlaza, abe sesigqokweni, abe ngaphambili esigqokweni. 38Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.
39“Uyakwaluka ibhantshi eliyizingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande,* ulifekethise. 40Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande,* uwenzele nezigqoko, kube ngezobukhosi nezokuhlobisa. 41 Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
42“Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni; 43u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.

Currently Selected:

U-Eksodusi 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy