YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 25

25
Umthetho wokunikelela itabernakele*
1UJehova wayesekhuluma kuMose ethi: 2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami. 3Yilo umnikelo eniyakuwuthabatha kubo: igolide, nesiliva, nethusi, 4nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, 5nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nemithi yomtholo, 6namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo, 7namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
8 “Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo. 9Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele* nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.
Umphongolo wesivumelwano
10 “Bayakuwenza umphongolo ngomuthi womtholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye. 11Uyakuwunameka ngegolide elicwengekileyo, uwunameke ngaphakathi nangaphandle, uwenzele udini lwegolide nxazonke. 12Uwukhandele amasongo amane egolide, uwafake ezinyaweni zozine zawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo. 13Uyakuzenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide. 14Wozifaka izinti emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuba uthwalwe ngazo. 15Izinti ziyakuhlala emasongweni omphongolo; aziyikususwa kuwo. 16 Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.
17“Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye. 18Uyakwenza amakherubi* amabili ngegolide, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili, 19ulenze elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha, nenze amakherubi ekugcineni nxazombili, abe kunye nesihlalo somusa. 20 Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa. 21Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona. 22 Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.
Itafula lesinkwa sokubukwa
23 “Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo, nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye. 24Wolinameka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele udini ngegolide nxazonke, 25ulenzele usiko olulingene nesandla ngobubanzi nxazonke, ulwenzele usiko udini lwegolide nxazonke. 26Ulenzele amasongo amane ngegolide, uwafake amasongo emagumbini omane asezinyaweni zalo zozine. 27Amasongo ayakuba ngasodinini, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula. 28Wozenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo, 29wenze nezingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezindebe zalo, nezinkamba zalo zokuthela, uzenze ngegolide elicwengekileyo. 30 Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.
31 “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo. 32Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo. 33Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi* zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani. 34Othini lwezibani kuyakuba khona izimbizana ezine ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi,* amasumpa azo nezimbali zazo, 35kube yisumpa phansi kwamagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili futhi, libe kunye nalo, kube phansi kwamagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani. 36Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo, kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.
37 “Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo. 38Izizenze zalo nezitsha zalo zensizi mazenziwe ngegolide elicwengekileyo. 39Malwenziwe ngetalenta* legolide elicwengekileyo kanye nazo zonke lezi zinto. 40 Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.

Currently Selected:

U-Eksodusi 25: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy