YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 2

2
Ukuzalwa nokukhuliswa kukaMose
1 Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. 2 Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. 3Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. 4Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye.
5Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. 6Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”
7Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?”
8Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. 9Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba nalo mntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela.” Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. 10Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.”
Ukubaleka kukaMose
11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo. 12Waphendukela ngalapha nangalapha; esebonile ukuthi akukho muntu, wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini. 13Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?”
14Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?”
UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.”
15UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni. 16UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise. 17Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo.
18Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?”
19Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.”
20Wathi kuwo amadodakazi akhe: “Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.”
21UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe. 22 Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.”
23 Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. 24UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 25UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.

Currently Selected:

U-Eksodusi 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy