YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 18

18
UJetiro uyahambela uMose
1UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no-Israyeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.
2UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose, yena esekade embuyisile, 3 namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethe: “Ngangingumfokazi kwelinye izwe,” 4igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”
5 UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu. 6Wathi kuMose: “Mina mukhwe wakho uJetiro ngize kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.”
7UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni. 8UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.
9UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile ku-Israyeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe. 10Wathi uJetiro: “Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe. 11 Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.” 12UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.
Abahluleli bamiswa kwa-Israyeli
13Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. 14Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”
15UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu. 16Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”
17Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. 18 Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa. 19Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu, 20ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza. 21 Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. 22Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe. 23Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ”
24UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo. 25UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. 26Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.
27UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

Currently Selected:

U-Eksodusi 18: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy