YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 16

16
Ukukhonona kwabakwa-Israyeli ehlane laseSini
1 Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. 2Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane. 3 Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”
Abantu basuthiswa ngezigwaca nangemana*
4UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha. 5Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise abakungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.”
6OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe. 7Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?” 8UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”
9UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ”
10 Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12“Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
13Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu;* ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke. 14 Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini. 15Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle. 16Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Kubutheni, kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe; anothatha iyomere* ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.’ ”
17Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo: abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana. 18 Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.
19UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”
20Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.
21Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika. 22Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwe kabili, amayomere* amabili kumuntu munye; zonke izinduna zomhlangano zafika, zamtshela uMose. 23Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”
24Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwaba nampethu. 25Wayesethi uMose: “Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle. 26Anokubutha izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.”
27Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaphuma abanye abantu ukuba bakubuthe, kepha kabakutholanga. 28UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na? 29 Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.” 30Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.
31Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi. 32 UMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.’ ”
33UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake iyomere* eligcweleyo lemana, ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.”
34Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe. 35 Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.
36Iyomere* lingokweshumi kwe-efa.*

Currently Selected:

U-Eksodusi 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy